Isiphithiphithi Ngaphandle Kwasenkantolo

Written by on 26 May, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Izinkumbi zabantu sezithelekile emagcekeni enkantolo ephakeme eMgungundlovu, njengoba kuqala icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayengumengameli wezwe, uJacob Zuma.

UZuma usolwa kulelicala nenkampani yezikhali yase France, iThales, nokusolwa ukuthi yamufumbathisa izizumbulu zemali ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wokuthenga izikhali ngo 1999.

Lelicala eselidonse iminyaka lingena liphuma kulindeleke liqale namuhla njengoba ngesonto elidlule abameli bakaZuma basho ukuthi sebekulungele ukuthi kuqhutshekwe.

Ngaphandle kwenkantolo kugcwele abalandeli ba-Msholozi abaqhamuka ezindaweni ezahlukene zesifundazwe iKZN, kanye neNingizimu Africa yonkana bazomeseka.

Kubonakale nabaholi abahlukene be ANC okubalwa unobhala jikelele osamisiwe uAce Magashule, owayengungqongqoshe uMalusi Gigaba, uMxolisi Kaunda oyimeya yeTheku, unobhala wesifundazwe uMdumiseni Ntuli, usihlalo wesifundazwe uSihle Zikalala, amalungu omkhonto wesizwe nabanye abaningi.

Osomabhizinisi abancane, abadayisa emgaqweni nabo bathe chithi saka nezimpahla zokugqoka ze ANC kanjalo nama flegi, bezizamela imali njengoba kunebhizi kulelidolobha ekuseni nje.

Bathi balindele ukuthi bahlomule nabo njengoba inqwaba yabantu igcwele ngaphandle kwenkantolo yamajaji ukuzokweseka uZuma.

Abadayisi bathi yize beze ngokwebhizinisi kodwa nabo bazokweseka uZuma emacaleni abhekene nawo.

Baqhuba ngokuthi banethemba lokuthi bazokwenza enkulu inzuzo namuhla.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background