Isiteleka Sabasebenzi Sishiye Kumapeketwane ka-Eskom

Written by on 11 July, 2022

By: Lindelani Mbatha
Oyisikhulu esiphezulu kwaEskom uJan Oberholzer uthi ziyisithupha izikhungo zalenkampani eziphazamisekile ngesikhathi kuqubuka isiteleka samaholo kulenkampani.
 
Ngenyanga eyedlule abasebenzi balenkampani bangenele isiteleka befuna ukukhushulelwa amaholo ngenani elisukela ku-8% kuya ku-12% ngenyanga.
 
Lesisiteleka sithathe amasonto amathathu nokuholele ekutheni lenkampani yenyusele ku-Stage 6 ukucisha kukagesi iLoadshedding.
 
Namhlanje iningizimu Africa ingaphansi kukaStage 4 okulindeleke ukuthi uqhubeke kuze kube ulwesine, bese kuthi kusukela ngolwesihlanu yehliselwe ku-Stage 2.
 
Isiteleka siphelile ngesonto eledlule emvakokufinyelela esivumelwaneni nezinyunyana.
 
uOberholzer uthi lezikhungo ziphazamiseke ngoba azilungiswanga ngendlela eyejwayelekile ngesikhathi kunesiteleka.

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background