Isixazululekile inkinga yamanzi esbhedlela sase-Mlazi.
Written by Phakeme Mnguni on 13 February, 2025
By: Sthulile Mdletshe
UMasipala weTheku uthi ukuhlinzekwa kwamanzi esibhedlela i-Prince Mshiyeni nezindawo ezakhele eMlazi eningizimu neTheku sekubuyele ekusebenzeni ngokugcwele.
Lokhu kulandela izikhalo nembhikisho, ebibanjwe inyunyana yabasebenzi bakahulumeni iPSA ngaphandle kwalesibhedlela ikhala ngokuntuleka kwamanzi.
Kubikwa ukuthi besekuphele cishe amasonto amathathu kungabonwa ngisho iconsi kompompi bakulesi sibhedlela nokungagcinanga nje ngokuhlukumea iziguli kodwa kwenze nabasebenzi badonsa kanzima.
Kuzokhumbuleka ukuthi izindaba zegagasi FM zike zabika ngokuntuleka kwamanzi kulesi sibhedlela emva kokuthi amalungu enyunyana yabasebenzi iPSA imashele kulesibhedlela ifuna uhulumeni wesifundazwe, umnyango wezempilo kanye nomasipala weTheku, bangenelele ngokushesha, ngoba ukungabi bikho kwamanzi sekwenze ukusebenza kwabanzima futhi kwaba ngaphezu kwamandla kubasebenzi bakulesibhedlela.
Okhulumela uMasipala weTheku uGugu Sisilana uthi njengo mkhandlu bayaqhubeka nokubeka eqhulwini udaba lokuhlinzekwa kwamanzi.