Isiyengeziwe Inkontileka Yabasizi Bothisha

Written by on 14 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo eyisisekelo uthi uzoselula futhi ngezinyanga ezintathu isikhathi sabasizi bothisha ezikoleni.

Izinkontileka zokusebenza zalabothisha bezizophelelwa yisikhathi makuphela nje lenyanga, kodwa sebezoqhubeka nokusebenza kuze kuphele u-August.

Loluhlelo lokuqashwa kwama Educators Assistance wuhlelo lukamengameli lokuzama ukusiza abantu abasha abangasebenzi.

Instha engasebenzi kuleli ingaphezu kuka-50%.

Oyisikhulumi somnyango uElija Mhlanga uthi mkhulu umsebenzi owenziwa yilabasizi ezikoleni.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background