Isizoqala Inkulumo Mpikiswano ePhalamende
Written by Mfundo on 14 February, 2022
By: Zilungile Mkhize
Amalungu ePhalamende kulindeleke ukuthi aphakamise izimvo zawo mayelana nenkulumo kaMengameli ebhekiswe esizweni, nayethula ngolwesine oludle, uma sekuqala inkulumo mpikiswane namhlanje ntambama eCity Hall, eKapa.
Lenkulumo mpikiswano izodonsa izinsuku ezimbili.
Inkulumo kamengameli iSONA, idonse imibono ehlukene emaqenjini ezepolitiki, osomnotho nezinyunyana.
Umholi we-DA uJohn Steenhuisen ubuze ukuthi kungani umengameli Cyril Ramaphosa ehluleka ukusho izinhlelo zokusiza abafundi bathole izindlela zokubuyisa ulwazi olulahleke ngenxa yeCOVID-19.
Umholi we-EFF uJulius Malema uthi akukho okusha okushiwo uMengameli, ngaphandle kokuthi aphasise ukuthi akazethembi, futhi wenza izethembiso ahlulekayo ukuzifeza kuzakhamuzi.
Abaholi bamanye amaqembu nabo babeka izimvo ezahlukene nge-SONA.
Lenkulumo mpikiswano yanamuhla izonikeza amaqembu wonke ithuba lokuhlaziya lenkulumo, kanjalo nokushiyela uMengameli imibuzo.
U-Ramaphosa useyoze aphendule ngoLwesithathu.