Isizwe Sifuna Inkosi Yaso Ngo-Dli
Written by Mfundo on 20 October, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Abantu abangaphezu kwenkulungwane okubalwa kubo amakhosi, kanye nezinduna zesizwe sakwaNyavu, ngaphandle kwedolobha uMgungundlovu, bathi bafuna izimpendulo mayelana nokumiswa kweNkosi yesizwe samaNyavu.
Lomphakathi usho kanjena njengoba ubuqhinqe ngaphandle kwehhovisi lika Ndunankulu wesfundazwe uSihle Zikalala.
Ukhala ngokuthi iNkosi uSikhosiphi Mdluli yehliswa esihlalweni sayo ngaphandle kokuthi utshelwe izizathu njengesizwe.
Kanti oyinduna yezinsizwa uAlphius Mzolo uthi uZikalala kanye noMnyango wezokubusa ngokubambisana uCOGTA kumele bayibuyisele iNkosi uMdluli esihlalweni sayo njengoba ethi izinto ziyonakala esizweni njengoba ingekho.
Khonamanjalo, usekela mqondisi ehhovisini lika ndunankulu, uZakhele Mnqayi usethembise lesizwe ukuthi bazozifakela izibuko lezizimfuno.