Isizwe Sigxeka Uhulumeni Ngezinkinga Ababhekene Nazo
Written by Mfundo on 20 October, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Isizwe saseMangweni eLoskop, ngaphandle kwase Escourt, sithi izinkinga zokubulawa kwabantu nokwebiwa kwemfuyo okuqhubeka kulendawo zingaxazululeka uma kungabekwa ngokusemthethweni iNkosi efanele ukuphatha lesizwe.
Amalungu omphakathi asho kanjena ngenkathi emashele ehhovisi lika Ndunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala.
Akhala ngokuthi sekuphele iminyaka emibili iNkosi yawo uMlamuli Mazibuko ingabekiwe esikhundleni sokuhola isizwe saMangwe, nokwanqunywa yinkantolo ukuthi kwenzeke emva kokuthi lolu daba luxazululwe enkantolo.
Ongu Ndunankulu wesizwe saseMangweni uFakazi Mkhonza, uthi into emise ukuthi iNkosi efanele ibuse ingoba uZikalala akayisayinile incwadi yenkantolo yokuthi kubekwe inkosi uMazibuko njengokuyalelwa inkantolo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.