Isizwe Sivale Thaqa Isikole Sifuna Inkosi Yaso

Written by on 18 January, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Umdonsiswano mayelana nokubuyiselwa eskhundleni kwenkosi yesizwe SaManyavu eMkhambathini maphakathi nekwaZulu-Natal usubhuntshise uhambo luka Ngqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uKwazi Mshengu.

Kuloluhambo bekulindeleke ukuthi akhulume nezinhlaka zezemfundo kule ndawo ngemva kokuthi izikole endaweni zivalwe thaqa amasango ngezingidi ezinkulu kusukela ngo Msombuluko.

Izindaba ze-Gagasi FM sezithole ukuthi amasango alezikole avalwe umphakathi othi ufuna iNkosi uSikhosiphi Mdluli owakhishwa esikhundleni sakhe sobukhosi abuyiselwe.

U-Mshengu bekulindeleke ukuthi aye esikoleni samabanga aphansi iGcina kanye nakwesamabanga aphakeme iMcoselile ukunxusa ukuthi kuvulwe amasango alezikole, nosekudale ukuthi othisha kanye nabafundi bangakwazi ukungena ngaphakathi njengoba kulindeleke ukuthi kuqale ukufunda ngo Lwesithathu.

U-Nompendulo Ngubane uyabika:

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background