Isoka Ligwaze Labulala Intombi Ngamanxeba Abalelwe Ku-8

Written by on 24 December, 2020

By: Mthokozisi Manqele

Owesilisa waseMboza KwaMhlabuyalingana, enyakatho yesifundazwe, usegwaze wabulala owesifazane abethandana naye emsola ngokuthi useqomile.

Ebebekhona ngenkathi kwenzeka lesigameko bathi umsolwa ugile lomkhuba maqede wabaleka wathi naye useyozibulala ngokuziphosa edamini eJozini.

Ngokusho komndeni isidumbu sikaThule Mhlongo obeneminyaka engu 23 ubudala sitholwe sinamanxeba abalelwa ku-8 okugwazwa.

Amaphoyisa aseManguzi asevule icala lokubulala kanti akukaboshwa muntu.

uMthokozisi Manqele uyabika.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background