ISolidarity isiqale umkhankaso wokuvikela imisebenzi yothisha
Written by Lethiwe Mdluli on 11 June, 2020
Umfelandawonye wezinyunyana iSolidarity usuqale umkhankaso wokuvikela imisebenzi yothisha kanye nabanye abasebenzi abaqashwe ngama SGB ezikoleni kuzwelonke.
Izikhundla eziningini zisengcupheni yokuvaleka ezikoleni ikakhulu zalabo abanqashwe izikole hhayi uhulumeni njengoba abazali bengasayikhokhi imali yokufunda abantwana.
Abazali abaningi bamisiwe noma baphelelwe imisebenzi nokwenza kube nzima ukuthi baqhubeke nokukhokhela izindleko zezikole.
Okhulumela iSolidarity, uDirk Herman, uthi lena akusiyi inkinga yalabasebenzi kuphela kodwa nomnyango uzobhekana nenkinga njengoba kuzoncipha othisha.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
By: Zilungile Mkhize