ITheku Lifuna Ubulungiswa Ngokubulawa Komsebenzi Walo

Written by on 25 April, 2022

By: Bright Ntuli

Umeya weTheku uMxolisi Kaunda usenxuse amaphoyisa ukuthi enze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi labo abadubule babulala isisebenzi sikamasipala, bayabanjwa bayaboshwa.

Lomsebenzi obengowesifazane oneminyaka engu-36 ubudala, udutshulwe wabulawa ngoMgqibelo esemsebenzini eskhungweni sokugcwalisa izimoto zamanzi eOttawa ngase Verulam, enyakatho yeTheku.

Oyiskhulumi sikamaspala uMswawakhe Mayisela uthi banxusa noma ubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa alekelele amaphoyisa ngokuthi awathinte ngokuphazima kweso.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background