ITheku Ligxeka Imibiko Engamampunge Ngamanzi Alo

Written by on 3 May, 2022

By: Zilungile Mkhize

UMasipala weTheku uthi ukhathazekile ngemibiko esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, nengalona iqiniso, mayelana nezinsolo ezingezinhle zamanzi ahlinzekwa izakhamizi kulomkhandlu.

Lemibiko ithi amanzi eTheku awaphephile neze.

Okhulumela umkhandlu uMsawakhe Mayisela, uthi iTheku kanye noMngeni Water bayakuqinisekisa ukuthi izinga lamanzi athunyelwa emiphakathini lisalokhu liphephile, futhi ngamanzi asecopheleni elifanele ukuphuzwa.

U-Mayisela uthi amanzi amaningi okuphuza agadwa nsuku zonke ngongoti bo-Mngeni Water kanye noMasipala weTheku.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background