ITheku Lithi Lisezinhlelweni Zokuqasha Isikhulu Esiphezulu

Written by on 23 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umasipala weTheku uthi izinhlelo zokuqasha isikhulu esiphezulu kulomasipala zihamba njengoba uhlelile.

Lesisikhala sivuleke ngonyaka owedlule emvakokuba lomasipala ufinyelele esivumelwaneni nowayeyisikhulu esiphezulu uSipho Nzuza, sokuba ashenxe kulesisikhundla.

U-Nzuza wamiswa emsebenzini emvakokusolwa ngenkohlakalo ethinta ukukhishwa kwethenda yokuthuthwa kwemfucuza ka-R400 million. Wabekwa icala kanye nalowo owayeyimeya yalomkhandlu uZandile Gumede, bonke abangaphandle ngebheyili ka-R50 000.

Izolo emhlangwaneni walomasipala oyilungu leDA eThekwini uNicole Graham ukhale kakhulu ngokungagcwaliswa kwalesisikhundla, wasola ukugxambukela kosopolitiki.

Oyisikhulumi salomasipala uMsawakhe Mayisela, uthi basezinhlelweni zokuthola maduze uzongena kulesisikhundla.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background