Ithemba Embonini Yezokungcebeleka

Written by on 22 September, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umkhakha wezokuvakasha kanye nezindawo zokudlela nokungcebeleka kulelizwe, ukholelwa ukuthi okubi sekwenzekile kwadlula manje.

Ochwepheshe kulezimboni zombili banethemba lokuthi isikhathi sobunzima nesifike nezinkinga eziningi lapho bekuvalwe yonke into ethinta lemikhakha sesidlulile manje.

Bathi amalungiselelo aqhubekayo njengamanje ngawokuqinisekisa ukuthi umnotho kulemboni uyasimama futhi kulandela ukungenzi kahle okwadalwa ukuvalwa kwezwe ngaphansi kwezigaba ezahlukene.

Khonamanjalo, oyisikhulu esiphezulu enkampanini ephethe uxhaxha lwama hhotela kuleli u-Anthony Leeming, uthi isimo sesiqalile ukuba ngcono yize bese kuphele izinyanga besebenza ngaphansi kwengcindezi abanye bevale ngci amabhizinisi abo.

Ekhuluma engqungqutheleni iThink Big Series ebanjwe ngezobuchwepheshe, uLeeming ubeka kanje.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background