Ithi igqemeke engeqiwa ntwala imindeni yabesifazane ababili ababulawe ngesihluku kwa Dambuza.

Written by on 2 September, 2024

By: Nompendulo Ngubane

Imindeni yabesifazane ababili e Pietermaritzburg maphakathi nesifundazwe ababesebudlelwaneni bobulili obufanayo, ithi ukubulawa ngesihluku sabathandiweyo bayo yisilonda esingasoze saphola.

U Minenhle Ngcobo oneminyaka engu 22 ubudala nesinqandamathe sakhe uNombulelo Bhixa, badutshulwe babulawa kwa Dambuza endaweni eyaziwa ngokuthi ika Shwi ngolweSibili oledlule nobekusayinyanga lapho kubungazwa khona abantu besifazane futhi kudsaqhubeka imikhankaso ekhuza isihlava sokubulawa kwembokodo nezingane.

Bobabili batholwe amalungu omndeni nomphakathi bedutshuliwe ngaphandle kwendlu eseduzane nasekhaya lika Bhixa.

Izindaba ze Gagasi FM zithole kuyona imindeni yomibili ukuthi laba babulawa nje, omunye owayeyisoka lo yedwa wezisulu ubengamukeli ubudlelwano babo njengoba ebenezinsongo zokuthi uzobabulala.

Osondele kakhulu no Bhixa futhi oyilungu lo mndeni uthi into ayibona endaweni yesigameko emva kokuqhuma kwesibhamu amahlandla amaningi ngeke aze ayikhohlwe futhi isakude ukuthi isuke ekhanda lakhe.

Owomndeni usebeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background