Ithimba lodokotela baseCuba lizothola uR239 million ukusiza lelizwe
Written by Lethiwe Mdluli on 11 June, 2020
Umnyango wezempilo usuveze ukuthi ukubakhona kwethimba lodokotela eliqhamuka eCuba kuzodla iNingizimu Africa uR239-million wamarandi njengoba kuyoze kushaye uApril 2021 bekuleli.
Labodokotela abangu 187 bajutshwe ezibhedlela ezahlukene kuzwelonke ukulekela abasebenzi bezempilo kuleli.
Usihlalo wekomidi elibhekelele ezempilo ephalamende, uSbongiseni Dhlomo, uthi lemali ngeyezindleko ezahlukene.
Uthi umsebenzi wabo kanye nabakuleli uyabonakala ezibhedlela.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Nokho amaqembu aphikisayo kulelikomidi athi uhulumeni wayengakuvezanga ukuthi ukuza kwalabodokotela kuleli kuzodla imali yombuso ekumele engabe ilekelela kwezinye izinhlelo zomphakathi.
By: Zilungile Mkhize