Itwetwe Bekhala Amaphepha Abalimi Kuleli

Written by on 3 May, 2022

By: Bright Ntuli

Njengoba isimo sezolimo siqhubeka nokungabi sihle kulelizwe, sekunokwesabela ukuthi umlimi oyedwa kwabangu 5 kuleli bangase balifulathele lelizwe kuleminyaka engu-10 ezayo.

Inyuvesi yase Stellenbosh eWestern Cape isho kanje kulandela ucwaningo olukhulukazi mayelana nezinqumo zokushiya kwabalimi lelizwe.

Obhekele imigomo yezolimo kulesikhungo, uKandas Cloete, nokunguye obehola lolucwaningo uthi babheke abalimi abangu-450 bakuleli nendlela abasebenzisa ngayo umhlaba.

Ekhuluma nehlangano yezokusakaza kuleli uCloete, uthi okunye abakubhekile, izizathu ezenza abalimi bakhethe ukuvele bahambe kanjalo nokuthi banalo yini isasasa lokudayisa umhlaba wabo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background