Iyabuya Imvula Enamandla E-KZN

Written by on 19 May, 2022

By: Lindelani Mbatha

Undunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikalala uthi izakhamuzi kuzomele ziqaphele njengoba isimo sezulu singeke sibe sihle ngempelasonto.

uZikalala ubethulela abezindaba umbiko ngosekwenziwe nguhulumeni ukubhekana nomonakalo odalwe yizikhukhula.

Ngempelasonto kulindeleke ukuthi iKZN ihlaselwe umsinga obandayo ohamba nokuna kwezulu.

Ngenyanga eyedlule lesisifundazwe sikhahlanyezwe yizikhukhula ezidale imonakalo obalelwa ku-R25 billion wamarandi, kwadlulka emhlabeni abantu abangu-448.

uZikalala uthi laba abasehleli ezindaweni eziseduze nemifula kuzomele basuke kulezozindawo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background