Iyanda Imfuyo Enamatele

Written by on 31 August, 2022

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe wezoLimo kuzwelonke, uThoko Didiza, uthi kusenzima okwamanje ukuqagula ukuthi ngabe unjani umonakalo wokukhiqiza inyama ebomvu emva kokubheduka kwesifo samatele.

UDidiza ulindeleke ukuthi amemezele ukuthi ngabe uzoxegisa yini izinsuku ezingu-21 lapho umnyango uvale ukuthi izinkomo zingadayiswa futhi zingahanjiswa ukusuka kwenye indawo ziye kwenye.

UNgqongqoshe uthi uzobe esehlangana nabadayisi nalapho ezobe esazi ukuthi ngabe umkhiqizo wenyama ebomvu ukhahlamezeke kangakanani ezifundazweni ezithintekile.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background