Iyaqhubeka eka-Zondo beno-Fraser

Written by on 20 October, 2021

By: Lindelani Mbatha

Ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi incwadi efakwe ngu Arthur Fraser, ephikisana nokuthi kuqokwe uDeputy Chief Justice Raymond Zondo njengenhloko entsha yamajaji, ingamvuna ngokuhamba kwesikhathi.

U-Fraser nongukhomishana womnyango wezamajele, uphakamise ukuthi kungafaka engcupheni ezobulungiswa kanye nomthetho ukuqokelwa kukaZondo kulesisikhundla.

Umsola ngokungenzi kahle ngesikhathi eqhuba ikhomishana ebiphenya izinsolo zokubhozonyelwa kombuso.

Uthi uZondo ngesikhathi eqhuba lekhomishana uhlulekile ukulandela umthetho kanye nokunikeza bonke abathinteka ezinsolweni zokubhozonyelwa kombuso ithuba lokuziphendulela.

U-Fraser ungomunye wabantu abasolwa ngokuqhuba i-State capture ngesikhathi eseyisikhulu esiphezulu emnyangweni wezokuvikelwa kwezwe.

Khonamanjalo, uZikalala uthi uZondo kungenzeka ethi konke okuthinta iState capture usazokusho embikweni kamengameli.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background