Iyashaqisa Indaba Yokubulawa Kwabantu Ezipotini- SAFTU
Written by Mfundo on 1 August, 2022
By: Bright Ntuli
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-South African Federation of Trade Unions (SAFTU) uthi kumele zifakelwe izibuko izigameko esezithanda ukuba yinsakavukela kuleli zokubulawa kwabantu ezindaweni zokucima ukoma.
Lomfelandawonye usho kanje kulandela esinye futhi isgameko sokudutshulwa, kubulawe inqwaba yabantu nesenzeke ngoMgqibelo ebusuku eMariannhill ngaphandle kweTheku.
Kulesgameko kushone abantu abangu-7, nokubalwa kubo nomnikazi westolo obeneminyaka engu 65 ubudala kanye namadodana akhe amabili.
Kanti eDassenhoek, khona kuhlaselwe kwabulawa abangu 5 ekhaya labo esgamekweni ekukholakala ukuthi ngesokubamba inkunzi.
Oyisikhulumi seSaftu uTrevor Shaku uthi kulelizwe kubulawa abantu abangu 68 nsuku zonke.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.