Izaguga Ziphawula Ngomgomo weCOVID-19

Written by on 18 May, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Izaguga esezijove ngomgomo wokuzivikela egciwaneni iCOVID-19 zithi zinethemba lokhuthi zizovikeleka ekuthelelekeni ngalolubhubhane.

Lezaguga zithole lomjovo njengoba umnyango wezeMpilo sewethule ngokusemthemthweni ihlandla lesibili lokugomela leligciwane eMgungundlovu.

Abantu abadala abaneminyaka esukela ku 60 kuya phezulu kanye nalabo abanezifo ezingamahlala khona, baqale ukugoma ngaphansi kwaloluhlelo namhlanje.

Lomgomo wakwa Pfizer yiwo okumele ugome ngawo kabili ukuze uvikeleke nokusho ukuthi lezaguga zizophinde zijove futhi emva kweskhathi.

Zikhuluma nezindaba ze Gagasi emva kokugoma sezibeke kanje,

Khonamanjalo, abasebenzi bezempilo sebetheleke ngobuningi babo eRoyal Showgrounds ukuzogoma.

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke u-Zweli Mkhize kanye nomlingani wakhe kulesifundazwe uNomagugu Simelane-Zulu, kulindeleke ukuthi babe yingxenye yokwethulwa kwaloluhlelo ngokusemthethweni kulesifundazwe ntambama nje.

Abasebenzi bezempilo kwakulindeleke ukuthi bagonywe baqedwe esigabeni sokuqala, esiphele ngomhlaka 14 May, kodwa amakhulu ngamakhulu asala engagomile.

Bekhuluma nezindaba zeGagasi FM abanye babasebenzi bezempilo sebesho kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background