Izakhamuzi Ezingaphezu Kuka-100 Sezisale Zilambatha Kulandela Izikhukhula
Written by Mfundo on 18 January, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Umnyango wezokubusa ngokubambisana KwaZulu-Natal uthi uzimisele ukulungisa ngokushesha izindawo ezikhahlanyezwe yizikhukhula.
UNgqongqoshe walomnyango uSipho Hlomuka ubehambele indawo yaseMnambithi, enyakatho nesifundazwe, kulandela izikhukhula ezishiye lelidolobha licwila emanzini.
Uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi lesimo sizoshaya umnotho wesifundazwe njengoba sekudingeka izigidigidi zemali ukulungisa ingqalasizinda.
Izakhamuzi zaseMnambithi ezingaphezu kuka-100 sezisusiwe ezindaweni ezihlala kuzona ngenxa yomonakalo odalwe izikhukhula. EMandeni imindeni engu-20 itakulwe yayobekwa endaweni yaseShekembuya. Kanti ngaphansi kukaMasipala uMsinga, sekutakulwe abantu abangu-15 bayobekwa ehholo lomphakathi, eMkhuphulangwenya.
Uqhuba ngokuthi nokho lokhu akusho ukuthi imiphefumulo yabantu ayibalulekile njengoba ethi bayazama nokusiza imindeni elahlekelwe ngalesisiskhathi.
Ekhuluma nabezindaba ngenkathi ehambele isfunda sasoThukela, uHlomuka ubeke kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.