Izakhamuzi Zikhalaza Ngolayini Abade Emahhovisi aka-SASSA
Written by Mfundo on 11 January, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Izakhamuzi ezithola izibonelelo zemali ka-hulumeni sezizwakalise ukungenami ngokungasheshi zithole usizo kanye nolayini abade okumele zibame ngaphandle kwama hhovisi akwa SASSA ukuze zikwazi ukufinyelela ngaphakathi ukuvuselela izibonelelo zazo eziphelelwe isikhathi.
Elinye lama hhovisi akwa SASSA eRaisethorpe ePietermaritzburg ligcwala liphuphume nsukuzonke, izakhamuzi ezinye zilala khona ngoba zithi zifuna ukuba sekuqaleni, kodwa sekuba nzima ngenxa yemigomo ye lockdown.
Izakhamuzi ezivukele kulama hhovisi namahlanje, zichaza kanje ngezibhekana nakho nsuku zonke.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.