Izakhamuzi Zizwakalisa Uvo Lwazo Kulandela Ukugoma

Written by on 6 October, 2021

By: Bright Ntuli

Abahlali basezindaweni zasemakhaya kanye nabasebenzi basemaplazini asebejove ngomgomo weCOVID-19 bathi bebenokwesaba ngenxa yemibiko abebeyizwa ngabantu mayelana nalomgomo.

Labahlali basho kanje ngenkathi uhulumeni wakwaZulu-Natal eseqale uhlelo oluzojikeleza isifundazwe sonke, lokugomela lolubhubhane.

Ungqongoshe walomnyango uNomagugu Simelane uthi sebevule umtholampilo ongumahamba nendlwana lapho abantu bengagoma khona eMandeni ngaphansi kweLembe district enyakatho yesifundazwe.

Uqhuba ngokuthi abagcini lapho kodwa bazophinde bahambele amaplazi, kanye nemizi yabantu ukuqinisekisa ukuthi akekho umuntu osala ngaphandle.

Kanti ke asebejove ngalomgomo sebesho kanje:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background