Izanga Lemfundo Yakuleli Kufanele Ifakelwe Izibuko – SAHRC
Written by Mfundo on 17 January, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Inhlangano elwelwa amalungelo abantu iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) isicele umnyango wemfundo emabangeni aphansi ukuba uqinisekise ukuthi imfundo yakuleli isezingeni elifanayo.
Owalekhomishana uAndré Gaum uthi akufanele kube nomehluko phakathi kwezikole ezisezindaweni ezisemakhaya, ezisemalokishini, kanye nezisemadolobheni.
U-Gaum uthi lokhu kwenza abanye abafundi basalele ngemuva emfundweni yabo futhi kuvula igebe elikhulu.
Uthi ucwaningo luveza nokuthi baningi abazali abahamba amabanga amade befuna isikole esingcono somntwana wabo kunalapho behlala khona.