Izangoma zezulu zixwayisa ngokuduma okulindelekile
Written by Lethiwe Mdluli on 4 November, 2019
Isikhungo esibhekelele isimo sezulu kulesisifundazwe sithi abantu kuzomele beqaphele njengoba kusukela namhlanje izulu lizoduma kakhulu ikakhulukazi enyakatho yesifundazwe.
Kwezinye izifunda zivele seziqalile ukubonakala izimvudlana okufaka phakathi iNewcastle, iDannhauser kanye naseThekwini.
Okhulumela leskhungo, uThandiwe Gumede, uthi ngokuhamba kosuku namhlanje lesisifundazwe kulindeleke imvula abalelwa ku-30%.
Listen here:
https://iono.fm/e/765992
By: Lindelani Mbatha