Izethembiso Zentuthuko Kukhethwa iMeya Entsha

Written by on 1 April, 2021

By: Lindelani Mbatha

UMeya omusha womasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uLindo Phungula, uthi bazosebenzisana nomnyango wezokuthutha ukubhekana nenkinga yemigwaqo engemihle ngaphansi kwalesifunda.

uPhungula ubekhuluma nabezindaba zeGagasi FM emvakokugcotshwa njengomeya omusha ngoLwesine kanti isekela lakhe nguJabulile Vilakazi

Ubekwa njengomeya emvakokudlula emhlabeni kobengumeya walomasipala, uNonhle Mkhulisi.

uPhungula uthi imigwaqo idlala indima enkulu ukuthuthukisa umnotho.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background