Izifonyo Zisazogqokwa – Dhlomo

Written by on 16 March, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Usekela ngqongqoshe wezempilo uSibongiseni Dhlomo uthi ngisho umengameli angavuma ukuthi lelizwe liphume ekubeni ngaphansi kwesimo senhlekelele, kodwa abantu basazoqhubeka nokuthi baphoqwe ukugqoka izifonyo.

U-Dhlomo usephawule kanje kwabezindaba njengoba yanda ingcindezi kumengameli uCyril Ramaphosa ukuba akhiphe izwe kulesisimo.

Sekuphele iminyaka emibili seloku iNingizimu Afrika yafakwa ngaphansi kwe National State of Disaster, kulandela ukubheduka kwe COVID-19.

U-Dhlomo uthi ucwaningo lwabo lutshengisa ukuthi ngisho namazwe asezivulile izinkundla zemidlalo, asaziphoqa izakhamuzi ukuba ziqgoke izifonyo ezindaweni ezivuleleke kuwowonke umuntu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background