Izifundo ze-Maths ne-Science Sezizofundwa Ngolwimi Lwebele

Written by on 20 June, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal uthi usukulungele ukufundisa izifundo, okuyi Maths kanye neScience, ngolwimi lwebele.

Ngolwesihlanu lomnyango emazingeni ayisisekelo uveze ukuthi umi ngomumo ukwenza lomsebenzi. Ezikoleni eziningi kuleli lezifundo zifundiswa ngesilungu okwenza kubenzima kwabanye abafundi abangalwazi kahle lolulimi.

I-KZN inabafundi abaningi abakhuluma isiZulu, kulandele isiNgisi, bese kuza isixhosa, isiSwati kanye nesiSotho.

Oyisikhulumi somnyango kulesisifundazwe, uMuzi Mahlambi, uthi banethemba lokuthi ukufundiswa ngolimi lwebele kuzokwenza abafundi bahlomule kancono.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background