Izigebengu Zidla Lubi E-KZN
Written by Mduduzi Phungula on 31 May, 2023
By: Nompendulo Ngubane
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usedalule ukuthi izifundzawe iKwaZulu Natal, iWestern Cape kanye neGauteng zihamba phambili ngamacala okubulawa kwabantu.
UCele usho kanje njengoba ethule izibalo zobugebengu zakamuva zakuleli.
UNgqongoshe uthi isifundazwe iKZN, yisona ke esinezigameko eziningi zokuphindelela kokubulawa kwabantu kanye neEastern Cape nayo ehamba phambili.
Uqhuba uthi iFree State neEastern Cape kwehlile ukubulawa kwabantu okubikiwe kuzona lezi zifundazwe.
Izibalo ziveza ukuthi ukubulawa kwabantu kwehlile ngo-3.5%, ezokudlwengulwa zona zisalokhu zibikwe njalo njengoba kusukela ngoJanuary sebengaphezu kuka-11 000 abantu ababike amacala okunukubezwa ngokocansi.