Izimoto ZoMalume Ziqaphwe Ngeso Lokhozi

Written by on 9 February, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezokuthutha osabambile kwisifundazwe sakwaZulu-Natal uKwazi Mshengu uthi uhulumeni wesifundazwe uyaqhubeka nokuxoxisana nezinye izinhlaka kanye nosomabhizinisi ngenhloso yokuthola uxhaso lokuthutha abafundi ezikoleni.

uMshengu usho kanje ngenkathi beqhuba umkhankaso wokuhlola izimoto ezingaphansi kohlelo lukahulumeni lokuthutha abafundi, ukuthi zikulungele yini ukuba semgaqweni njengoba izikole zizovulwa ngoMsombuluko.

Uqhuba ngokuthi kumanje abafundi abahamba amabanga amade nabahlomule kuloluhlelo balinganiselwa ku 42 000 kanti futhi bangathanda ukuthi lesisibalo sande kodwa kuvimbe ukusweleka kwezimali.

uMshengu uyachaza,

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background