Izindaba Ezinhle Ngom’gomo we-COVID-19
Written by Mfundo on 10 December, 2020
By: Zilungile Mkhize
Izikhulu zesikhwama iSolidarity Fund sezikuqinisekisile ukuthi lesikhwama sizokhokha uR327 million oyingxenye yemali youkuthenga umgomo we COVID-19.
Sithi lokhu kuzokwenzeka lingakopheli isonto elizayo.
Ongusekela sihlalo walesikhwama, uAdriaan Enthoven, uthi lemali izokwazi ukusiza ekutheni bathole lomgomo ozohlinzekwa ku 10% wabantu kulelizwe.
Lokhu kusho ukuthi ngabantu abangu 10 kwabangu 100 abazogonywa kuqala.
uEnthoven uthi yize abasebenzi bezempilo kanye nengxenye esengozini enkulu yakungenywa yi COVID-19 izobekwa phambili kodwa ukwabiwa kwalomgomo ekugcineni kuzonqunywa nguhulumeni.