izingane Azihlale Emakhaya – Umnyango

Written by on 12 April, 2022

By: Sthulile Mdletshe

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuweluleke othisha, kanye nabazali ukuthi bagcine izingane ziphephile emakhaya kuze kube isimo semvula enamamdla siba ngconywana.

Lokhu kulandela imvula enamandla ehlasele ingxenye enkulu yalesifundazwe, nesidale izikhukhula ezindaweni eziningi.

Izexwayiso zesimo sezulu zakamuva ezikhishwe abeSouth African Weather Services zibika ukuthi kuzoba nezimvula ezinkulu ezilindeleke ngasogwini namaphakathi aseduze.

Imvula enamandla izoqhubeka kuze kube kusasa ezindaweni ezimaphakathi nesfundazwe.

Okhulumela uMnyango wezemfundo esifundazweni u-Muzi Mahlambi uthi bazoqhubeka nokuqapha isimo sezulu kodwa okwamanje abantwana abahlale emakhaya nothisha bavale amasango esikole.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background