Izingqinamba Zamanzi Ziyaqhubeka Ogwini

Written by on 27 November, 2020

By: Mfundo Mabaso

UMasipala Ugu, eningizimu yesifundazwe, usuqale uphenyo ngezinsolo zokucekelwa phansi kohlelo lwawo lwamanzi.

Lokhu kuza nje imiphakathi eminingi eHibberdene kuya ePort Edward kumanje ibhekene nokuphazamiseka okukhulu kwamanzi.

Umasipala uthi ochwepheshe abasebenza ukulungisa ingqalasizinda sekube nezigameko eziningana besatshisiwe kanti sekulinyazwe nengqalasizinda.

Kuleli sonto ezinye kushiswe izimoto zomkhandlu ngabasolwa abangaziwa.

Okhulumela Ugu, uFrance Zama uthi amathangi amanzi alindile ukuhlinzeka ngamanzi okusiza ezindaweni ezithintekile.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background