Izinguquko KwiKhabinethi ka-Ramaphosa
Written by Mfundo on 6 August, 2021
By: Lindelani Mbatha & Nompendulo Ngubane
UMengameli uCyril Ramaphosa uthi unethemba lokuthi izinguquko azenze kukhabhinethi yakhe zizosiza ukuletha uzinzo kuhulumeni.
U-Ramaphosa ubethulela izwe ongqongqoshe abasha kukhabhinethi yakhe.
Kulezinguquko kukhona nezithuse abaningi, zokushiya kukangqongqoshe wezezimali uTito Mboweni, isikhala sakhe esesivalwe ngu-Enock Godongwana.
Ukuqokwa kukaGodongwana khona kushiye imibuzo njengoba ngo-2012, wasula esikhundleni sikasekela Ngqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho emva kwezinsolo zokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R100 million.
Okunye okuvelile, ukuqokwa kuka-Joe Phahla njengoNgqongqoshe wezempilo, emvakokuba obehola lomnyango uZweli Mkhize esishiyile lesisikhundla.
U-Mkhize usolwa ngenkohlakalo eyenzeke ngesikhathi kukhishwa ithenda ka-R150 million eyanikezwa inkampani iDigital Vibes.
U-Ramaphosa uyanaba,
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
UMengameli uphinde wenza izinguquko nakosekela ngqongqoshe.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, izakhamuzi zezizwakalise imibono eyahlukahlukene mayelana nalesimemezelo sika Ramaphosa.
UMnyango wezeMfundo esemazingeni aphansi, uMnyango wezamaPhoyisa kanye noweMfundo ePhakeme ayizange ithinteke kulezi zinguquko yize ibibhekwe kakhulu izakhamuzi.
Ziphawula mayelana nezinguquko esezibekhona, izakhamuzi zibeka kanje.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.