Izingxoxo Zezikhalo Zomphakathi wakwaSokhulu

Written by on 8 July, 2021

By: Bongani Gina

UNdunankulu wakwaZulu-Natal, uSihle Zikalala, uthi benza konke okusemandleni ukulungisa isimo enkampanini yensimbi iRichards Bay Minerals, enyakatho nesifundazwe.

U-Zikalala usho lokhu kulandela ukuvalwa isikhashana kwalenkampani eqashe inqwaba yabantu bakuleyandawo, emva kokuqubuka kodlame nombhikisho womphakathi wakwaSokhulu obukhala ngokunganikwa amathuba emsebenzi.

Uthi kulandela izingxoxo ebezihlanganisa zonke izinhlaka ezithintekayo, sebegcine bevumelene ngokuthi kwehliswe imibandela edingakayo ukuze kuqashwe abantu bomphakathi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background