Izinhlangano Azeneme Ngomphathi Omusha kwa-ABSA

Written by on 5 April, 2022

By: Bright Ntuli

Inhlangano yosomabhizinisi abansundu iBlack Management Forum (BMF) ithi ikhathazekile ngokuhamba kancane kwezinguquko emabhange amakhulukazi kuleli.

Lenhlangano ithi kulamabhange izikhundla eziphezulu zisaphethwe ngamadoda amhlophe.

I-BMF isho kanjena ngenkathi inanela kwinkulumo mpikiswano eqhubuke ngemva kokuqokwa kuka Arrie Rautenbach ukuthi abe yiskhulu esiphezulu sebhange lakwa Absa.

Iqhuba ngokuthi nakuba iwavuma amagalelo akhe uma kuza olwazini ngezamabhange kanye nangesipiliyoni, kodwa kuyaxaka ukuthi uRautenbach ukhethwe yibhodi elinabantu abaningi abamnyama.

Khonamanjalo, i-DA isizwakalise ukuthi izofaka isikhalo kukhomishana yamalungelo abantu kulandela ukuthi iPublic Investment Corporation nayo ikhale ngokuba mhlophe kwalesikhulu.

Owe DA uCilliers Brink lokhu kufana nokucwasa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background