Izinhlangano ezizimele e-Nanda zigxeka izidakamizwa ngesihlava sezigilamkhuba ezihlalise lubhojozi umphakathi endaweni.

Written by on 11 February, 2025

By: Buhle Mbhele

Izinhlangano ezizimele emphakathini waseNanda, enyakatho yeTheku sezigxeke abashushumbisi bezidakamizwa ngesihlava sabafana abancane abaphenduka izigebengu namabhoklolo asatshwayo endaweni.

Umholi wesigungu esilwa nobugebengu eNanda, uSibusiso Mbuyazi, uthi iningi lentsha ebandakanyeka ezigamekweni zobugebengu livikela abadayisi bezidakamizwa endaweni noma lidla lezi zidakamizwa.

UMbuyazi ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba njengoba kuqhubeka imbizo yokunqanda ubugebengu eNanda.

Unxusa amalungu omphakathi ukuthi ahlangane ,akhombe abantu abadayisa izidakamizwa ezindaweni ahlala kuzo.

Lembizo iza emva kokuthi indawo yaseNanda isematheni ngokudlanga kobugebengu, iningi labo obenziwa intsha yeqembu lemiguludu ezibiza nge ‘West Gang’, elihlalise umphakathi bubhojozi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background