Izinhlangano Zabafundi Zikumise Nse Ukufunda Nokufundisa eThekwini TVET College

Written by on 13 February, 2023

By: Dawud Phungula

Izinhlangano zabafundi i-South African Democratic Student Movement (SADESMO) ne-Economic Freedom Fighters Student Command (EFFSC) eThekwini TVET College, zithi ngeke ziphumule abafundi baleskhungo bengakazitholi izimfuno zabo abakhala ngazo.

Sekuphele izinsuku ezine bebhikisha kodwa abaphathi abakhombisi ukuba nendaba nezicelo zabo.

Lezi zinhlangano zithi abafundi baleskhungo ema-Campus ahlukene okuyi-Springfield, Umbilo neMelbourne basisola ngobuqola njengoba abafundi abaningi bekhokhe imali yokufunda baphinde babhalisa kodwa batshelwa ngosuku okumele baqale ngalo ukufunda ukuthi izikhala azikho.

Baphinde bakhala nangokuthi ingqalasizinda ayikho esimeni, kanjalo nokuhlanzeka akukho kulezikhungo.

Abaholi balezi zinhlangano bekhuluma nezindaba zeGagasi FM babeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background