Izinhlangano Zamadoda Zifuna Umthetho Uvikele Lawo Ahlukunyezwayo Emakhaya

Written by on 15 August, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Inhlangano engenzi nzuzo emele amadoda esifundazweni saKwaZulu-Natal ithi umthetho kumele udlale indawo yawo kuwo wonke umuntu ohlukumezayo ngaphandle kokubheka izikhundla.

Lokhu kuza ngemuva kokuba umnyango wokuThuthukiswa koMphakathi kulesisfundazwe uzwakalise ukukhathazeka ngowesilisa osehlukunyezwe iminyaka ngunkosikazi wakhe oyiphoyisa.

Lomlisa yize ebesebike kaningi emaphoyiseni ngokushawa kwakhe, kodwa unkosikazi wakhe ubelokhu eqhubeke njalo emshaya waze wamliza ubuntu bakhe.

UNobhala weCivil Society esifundazweni saseKZN uDumisani Zungu futhi omele amadoda uthi bazomeseka lona wesilisa kuze kube udaba lwakhe luthathelwa izinyathelo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background