Izinhlelo Zezemfundo Angeke Zishintshwe

Written by on 30 August, 2021

By: Bongani Gina

UMnyango wezemfundo eyisisekelo uthi ngeke uwamise amaholidi ezikole ango-October.

Phambilini umnynago uke wahlongoza ukuwahoxisa lamaholidi ngenhloso yokubuysa isikhathi esilahleke ngenxa yokuvalwa kwezwe ngaphansi kwezigaba ezahlukene zeLockdown.

Uthi ukubuyisela isikhathi esilahlekile kuzoba yisinqumo esizothathwa yizikole ezifundeni zemfundo ezahlukene.

UNgqongqoshe walomnyango uAngie Motshekga usho kanjena ekhuluma nabezindaba mayelana nezinhlelo zomnyango wakhe zokulwa ne COVID-19.

Emasontweni edlule, izikole eKZN, iFree State kanye neWestern Cape zithinteke kakhulu yi-COVID-19 kodwa uMotshekga uthi ikhalenda lezikole ngeke balichibiyele.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background