Izinhlelo Zokuhlomulisa Imboni Yamatekisi Emnothweni
Written by Mfundo on 2 September, 2021
By: Lindelani Mbatha
Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natal, uRavi Pillay, uthi basebenzisana nabemboni yamatekisi ukuqinisekisa ukuthi nabo bayahlomula emnothweni wakuleli.
U-Pillay ubekhuluma phambi kwamalunga esishayamthetho sikazwelonke ngezinhlelo zikahulumeni wesifundazwe zokuthuthukisa umnotho wasemalokishini.
Isifundazwe iKZN silahlekelwe yimali eningi obekufanele ingene kumnotho wakuleli ngesikhathi kuqubuka izibhelu ngo-July.
Kuphinde kwalahleka namathuba emisebenzi angaphezu kuka-150 000 ngesikhathi kukhahlamezeka amabhizinisi angaphezu kuka-45 000 ngesikhathi saloludlambedlu.
Ngokwemibiko yabakwa Stats SA, imboni yamatekisi ifaka imali elinganiselwa ku-R50 billion emnothweni wakuleli.
U-Pillay uthi manje sekuyisikhathi sokuthi bonke abantu bahlomule emnothweni.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.