Izinhlelo Zokuqhubeka Nokugoma Izaguga
Written by Mfundo on 20 August, 2021
By: Lindelani Mbatha
Ungqongqoshe wezempilo, uJoe Phaahla, uthi babalelwa ku-3 million abantu abaneminyaka engaphezu kuka-60 asebegomele ngokugcwele iCOVID 19.
U-Phaahla ubethulela abezindaba izinhlelo zikahulumeni zokulwa nokubhebhetheka kwaleligciwane kanjalo nezinhlelo zokusabalalisa umgomo ngendlela.
Uhulumeni uhlele ukugoma okungenani abantu abaneminyaka engaphezu kuka-60, abangu-70% ungakapheli lonyaka.
Njengamanje kusagome u-55% kuphela wabantu abaneminyaka kulabo abangu-5.5 million.
U-Phaahla uthi okuhle ukuthi baningi abantu asebethole umgomo okungenani owodwa.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.