Izinkabi Ebezisoconga Embonini Yamatekisi Sezithole Odilika Jele

Written by on 3 December, 2021

By: Bright Ntuli

Amaphoyisa akwaZulu-Natal athi anethemba lokuthi isgwebo sikadilika jele inkantolo kamantshi eThekwini egixabeze ngaso izinkabi ezimbili, sizoba yisifundo nakwezinye izinkabi.

Abakwasidlodlo basho kanje kulandela ukuthi abalisa ababili belahlwe yicala lokudubula babulale umlisa owayengusomatekisi kanye nokudubula balimaze kanzima umshayeli.

Lesigameko senzeka ngo December 2019, lapho losomatekisi wahlaselwa ngemvula yezinhlamvu washonela endleleni eya esibhedlela, kwathi umshayeli yena wasinda ngokulambisa.

Oyiskhulumi samaphoyisa uThembeka Mbele uthi inkantolo kamantshi isiphinde yagixabeza labalisa nangeminyaka engu-25 ngaphazulu, ngecala lokutholakalala nezinhlamvu kanye nesibhamu esingekho emthethweni, yaphinde yabanika neminyaka emihlanu ngaphezulu.

Nokho uMbele uthi lezigwebo bazozidonsa kanye kanye nalesi sikadilika jele.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background