Izinsolo Zamajaji Angcolile Sezifakelwe Izibuko

Written by on 4 March, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezobunhloli, uAyanda Dlodlo, usekuqinisekisile ukuthi useqale uphenyo mayelana nezinsolo zenkohlakalo emajajini kanye nezokuthi kunamajaji akhokhelwa yizikhungo zezobunhloli.

Lokhu kuza ngemva kokuthi ikhomishana ephenya i State Capture, yezwa ubufakazi ngo January obukhomba ukuthi kunophiko olubizwa nge Project Justice.

Loluphiko kubikwa ukuthi inhloso yalo kwakukucinga kanye nokusebenzisa amajaji athize ukuthi abhekele izifiso sikaloyo owayengumengameli wezwe u Jacob Zuma.

u Dlodlo uthi i Project Justice ayilona uphiko olusemthethweni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background