Izinyunyana Zabasebenzi Bakahulumeni Zihlongoza Ukhukhulela Ngoqo Wesiteleka

Written by on 26 April, 2021

By: Bright Ntuli & Sanelisiwe Dlangamandla

Kufufusa inkunzimalanga yesiteleka sabasebenzi bakahulumeni njengoba izingxoxo phakathi kwezinyunyana nohulumeni zilokhu zifinyelela kwangqingetshe.

Abasebenzi abangu 235 000 baka hulumeni, abangaphansi kwenyunyana iPublic Servants Association (PSA), bathi sebetsheliwe ukuthi abalungiselele ukhukhulela ngoqo wesiteleka.

Lokhu kuza njengoba uhulumeni ephakamise ukuthi imiholo yabasebenzi ingenyuswa kodwa ithi ukushintshwa nje kancane ukumelana nezimo zempilo.

Unqongqoshe wabasebenzi bakahulumeni, uSenzo Mchunu, uchaze wathi uhulumeni akanayo imali yokufeza lezifiso zabasebenzi.

Oyiskhulumi se-PSA, uRueben Maleka, uthi abahambisani nalesisiphakamiso somqashi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCOSATU, nawo usuhambe emazwini ePSA, ngokhukhulela ngoqo wesiteleka.

Izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni ezingaphansi kwalomfelandawonye, nazo zisichithile lesisiphakamiso sokunganyuswa kwamaholo abasebenzi.

UNobhala Jikelele we-South African Democratic Teachers Union (SADTU), Mungwena Maluleke, uthi lesisiteleka sizophazamisa izimboni ezingaphezu kuka-30.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background