Izinyunyana Zifuna kuqine Ezokuphepha Ezikoleni

Written by on 21 February, 2023

By: Xolani Khumalo

Izinyunyana zothisha sezinxuse uhulumeni ukuthi aqinise ezokuphepha ezikoleni kulandela izigameko zakamuva zokuhlaselwa kwabafundi kanye nothisha emagcekeni ezikole.

Esigamekweni esenzeke ngoLwesihlanu esikoleni samabanga aphansi iSavasrati Primary School, oThongathi, enyakatho yeTheku, uthisha wesifazane ushaywe umsebenzi wakuso lesiskole.

Kubikwa ukuthi ingxoxo ethile ebiphakathi kwathishomkhulu nalothisha oshayiwe iphethe ngokukhuphuka kwemimoya.

Nokuthe kusenjalo kwaqhamuka udadewabo kathishomkhulu, naye osebenza kuso lesiskole wafike wagqema uthisha  ngenduku phambi kwabafundi.

Lomsebenzi ongudadewabo kathishanhloko ubesola lothisha wesimame ngokuhlukumeza umfowabo.

Ongunobhala we-NATU, uDoctor Ngema, ekhuluma nezindaba zeGagasi FM uthi kumele kutshalwe onogada ezikoleni ukugwema izigameko ezinjengalezi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background