Izinyunyana Zilindeleni Kwisabelo Mali?

Written by on 9 March, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Izinyunyana zabasebenzi iNEHAWU kanye ne COSATU e-KZN zithi uma ungqongqoshe wezezimali uNomusa Dube Ncube, esethula isabelo mali sayo yonke iminyango kahulumeni wesifundazwe kuzomele aqinisekise ukuthi ubeka phambili izidingo zabasebenzi.

Abasebenzi abahlukene abangamalungu alezinyunyana sebebhikishe bavala thaqa umgwaqo obheke eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, lapho uDube-Ncube ezokwethula khona isabelo mali.

Laba basebenzi bathi ungqongqoshe kumele amukele nohlu lwezikhalo zabo ngaphambi kokwethula isabelo zimali sonyaka ka 2022/23.

UNobhala we-NEHAWU esifundazweni uAyanda Zulu uthi phakathi kwezikhalo zabo kubalwa nokuthi bafuna abasebenzi abangamatoho baqashwe ngokugcwele.

 

Emukela uhlu lwalezi zikhalo ngaphambi kokwethula inkulumo yakhe uDube-Ncube usho kanje:

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background