Izinyunyana Zothisha Zihambisana Nokuvalwa Kwezikole
Written by Mfundo on 28 June, 2021
By: Lindelani Mbatha
Izinyunyana zothisha zithi isinqumo sokuvalwa kwezikole kusukela ngolwesithathu sihle kakhulu emizamweni yokuvikela othisha nabafundi.
Umyalelo kamengameli uthi kumele kuthi kushaya ulwesihlalu, zonke izikole zibe sezivalile kanjalo nezikhungo zemfundo ephakeme.
Ngenyanga eyedlule umnyango wezemfundo emazingeni aphansi, umemezele ukuthi noma kanjani kuzothi makuvulwa izikole ngomhlaka 26 July, bonke abafundi basemabangeni aphansi bazovumeleka ukuthi baye esikoleni.
UNobhala weSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) KwaZulu-Natal, uNomarashiya Caluza, uthi lesisinqumo sizosiza kakhulu ukunciphisa ukuthelelana ngaleligciwane.
Khonamanjalo, uNobhala weNational Teacher’s Union (NATU), UCynthia Barnes uthi uhulumeni uthathe isinqumo esiphusile njengoba nokubanda kuhlasele.